Mama ngiyakhumbula ngisakhula wawungikhuza,

Kodwa ngoba mina ngangisesigabeni sobuntombi ngangingezwa mshini,

Ngikhumbula ungexwayisa ngokuthanda kakhul’ olokhuza,

Namhlanje sebengishiye nosan’ esiswini.

Mama izeluleko zakho nanamuhla zisadlal’ emqondweni wami,

Ngisalokhu ngizikhomba namanje ngenxa yezenzo zami.

Mama ngiyafis’ engabe ngingabuyisel’ isikhath’ emuva,

Ngiyafisa ngabe ngangikhona ngenkathi wena wawugula,

Mama ngasuke ngadudwa ngabangani ngoba babelokhu bethi siyagudla,

Babelokhu bethi siyodla ubusha bethu,

Nami ke nganginokusho ngithi kangeke ngihlulwe ngowethu,

Kodwa namhlanje kabasekho bonke sekwaba yimina no Olwethu.

Mama impela ukundlula kwakho emhlabeni kwaba yiphutha lami,

Ngabe namanje usaphil’ ukubane kwakungebon’ abangani bami,

Selike lithi seliyozilahla kunin’ ilanga,

Bese kumin’izinyembezi zehle zilakanyana

Bese ngisidind’ esika Nandi.

Mama ngicela uxolo ngezenzo zami,

Kangizishayi sifuba ngomunt’ esengaphenduka yena,

Mama ubunzim’ owawubuthwal’ ungikhulis’ ubab’ engabonwa sengiyabuzwa,

Izinhlungu owawuzizwa njalo uma okuya ngasethunjini kungekho sengiyazizwa,

Mama wawuncamel’ ukuhlal’ izinsuk’ ungadl’ inqaba nje Uma kwakudle mina,

Namhlanje min’ impilo seyangibamba ngama washing ngenxa yokungakulaleli,

Sengiyazisola manje ukuthi ngakhethelan’ abangani ngaphezu kwakho,

Namhlanje sengaba yisidlalo sabafana mama bona Laba wawungikhuza kubona,

Kodwa anginayo engingayenza mama yibon’ asebabeka impuph’ etafuleni,

Mama ngiyafisa ngabe ubusasekhona Lana emhlabeni.

Mama ngiyavuma ngakona,

Wahamba ubalisa kulelizwe

Kodwa ngicel’ uke ufike nangephupho nje ungibonise,

Ngicela namathub’ emisebenz’ uwakhanyise,

Mama ngiyazi kusenamacal’ asal’ okwakumel’ uhamb’ uwalungisile,

Wonke lawo macal’ asezowela kumina,

Kodwa ngiyowahlawula kanjani mama,

Ngiyowavala kanjani mina ngingasebenzi?

“Ngiyazizw’ izinkalazo zakho ndodakazi yami,

Kodwa njengoba wazi nawe ngangisokol’ ezweni,

Ngangizamela Wena ngifun’ uthol’ imfund’ encono,

Kodwa Wena wakushay’ indiva konke lokho,

Ndodakazi nami kangithand’ um’ uhlupheka kanjena,

Kodwa manje nami lana ngikalasha,

Angikwaze kwenza lutho ngoba izidalwa zakithi zisangivalele kangikahlangani nazo,

Mntanami ngangithembele kuwena ukuthi uyongikhipha kulolubishi,

Ngangithi ngiyofika kumndeni wakithi ngigijima,

Ndodakazi vuka uzicoshe,

Vuka unikele enkonzweni sekungu mdali kuphela oyokukhipha kulolutaku,

Ngoba nami ngisatheth’ amacal’ okuhlulek’ ukukukhulisa ngendlel’ ekahle.

U Olwethu nguyen’ umzukulu wami?

Ngaze ngamuzwela njengoba ezothwal’ amacal’angawazi,

Ngaze ngayizwel’ ingane isazobangwa yizidalwa,

Ndodakazi yami ngiyabona nawe waba sebhadini lokushiywa uyise wengan’ engakhiphile lutho,

Kusamele kugezwe ikhaya labadala mntanami,

Nami angisenamandla- ngiyasha yizono zami”