Ngazane nawe isikhashana,sajwayelana.

Saba abangani,sathembana.

Uma bengiseduze kwakho bengizizwa ngikhululekile futhi ngingowekhethelo.

Noma bekungahlali kukuhle,kepha iqiniso lithi ubusenhliziyweni yami njalo.

Kuthe lapho ngingakadeli ukuhlala nawe,wavele wangishiya.

Enhliziyweni yami angisoze ngakulibala.

Uthando kanye nolaka lwakho.

Umusa kanye nesihe sakho.

Ukungisola kwakho kungiqinisile.

Izeluleko zakho zingikhulisile.

Noma ususeZweni lomoya lapho engingeke ngafika khona ngisadla anhlamvana,kepha ukukubona emaphusheni kuyangijabulisa.

Uma uMFIHLAKALO ebengasipha elinye ithuba empilwen’ elandelayo,bengingajabula ukuphinda ngihlangane nawe mama,sibe umndeni futhi.

Ibhalwe ngu Thandeka ka Fabian no Sheila Grieves