Nkosi uze ungisize

Kuthi Noma sebekhuluma ngami

Ngithule ngingaphenduli

Ngize ngingabuyisile kokubi ngokubi

Kuthi Noma sebengihleba bengihleka

Ngingawathathi ngenhliziyo amagama abayobe bewasho.

Ngiqhubeke ngenze engikwenzayo

Ngazi futhi ngikholwe ukuthi ukhona

Uzongiphindiselela ungilwele

Nkosi uze ungisize