Zafika lezi zinkathi

Lapho ngifikelwa ubunzima

Ngingazi ngenzenjani

Ngingenamuntu eduze kwami

Nethemba seliqala ukungilahlekela

Ngabona sengifikelwa amabhadi

Ngalahlekelwa umsebenzi

Ikati lalala eziko ekhaya

Nobaba wekhaya waqala ukuphuza amponjwana

Izinyembezi ngase ngiphila ngaso

Kwase kuyisinkwa Sami engilala ngaso

Ubuthongo babungafiiki nakancane

Ngazizwa sengathi uNkulunkulu ungilahlile

Senginganakwa themba

Sengifisa nokuzibulala

Kepha ngoba ngaqhubeka nokuthandaza

Amabhadi namashwa ashabalala

Konke kwakhanya

Sengathi akukaze kwabheda.

Umbhali: Athandiwe Precious Dlamini.