Zafika lezi zinkathi
Lapho ngifikelwa ubunzima
Ngingazi ngenzenjani
Ngingenamuntu eduze kwami
Nethemba seliqala ukungilahlekela
Ngabona sengifikelwa amabhadi
Ngalahlekelwa umsebenzi
Ikati lalala eziko ekhaya
Nobaba wekhaya waqala ukuphuza amponjwana
Izinyembezi ngase ngiphila ngaso
Kwase kuyisinkwa Sami engilala ngaso
Ubuthongo babungafiiki nakancane
Ngazizwa sengathi uNkulunkulu ungilahlile
Senginganakwa themba
Sengifisa nokuzibulala
Kepha ngoba ngaqhubeka nokuthandaza
Amabhadi namashwa ashabalala
Konke kwakhanya
Sengathi akukaze kwabheda.
Umbhali: Athandiwe Precious Dlamini.