Yaz uyahlekisa

Ngendlel’obukeka ngayo uyahlekisa,

Mawuqhamuka bayajabula

Izinsizwa zishay’amaFlirt

Izintombi siyamoyizela

Zijabulel’isiqu sakho

Makubuka bachazeke nase busweni bashintshe,

Amehlo wabo nobuso babo mmmm ay uthandiwe la!

Inkinga isekutheni wahamba kuyashontsha,

Ubon’abanye bebhek’eceleni

Abanye behleba phela izinhliziyo zigaya zimbi

Oh kodwa amehlo akasemahle,

Shame badlal’ukungazi nobuwula

Bakhohlwa ukuthi umona ifa lezinja,

Oh konje nabo bayizimpisi bahleka bezonda,

Ey uyahlekisa kodwa,

Muntu omnyama walibona walibeletha,

One by one bayoveza izikhumba zobumpisi

Lapho beyosusa esemvu,

Bakudla izithende becashe ngegama lothando,

Qaphela beza behleka,

Bejabule bethi uphumelele

Wena uvule kuvaliwe kanti umugqa sebekudwebele,

Cha uyathandeka bo!

Okazi ugeza ngani….

Impel’uyahlekisa.