Uyangithanda noma ubungithanda?
Ngikubona ungasafani nayizolo
Ngikubona uqhelisa izinhlavu zamagama othando mawuxoxa nami.
Ngizizwa nginomzwangedwa yize unami
Yebo kunjalo,isidumbu sakho sinami
Yebo ngiyavuma kodwa imizwa nenhliziyo yakho ijubalele kwaNhliziyo ngise.
Ungenza isisulu sothando umzuzu nomzuzu.
Wangizwisa ubumtoti bothando lwakho
Wangizwisa imfudumalo yakho,
Namuhla ngibambelele kwizenzo zakho
zakudala ngoba ngishaywa uvalo ngezamanje.
Uyangithanda noma ubungithanda?
Njengembali engesenamniseli ngiyabuna
Izinxabuzami zisiphuka kancane kancane
Kumhlaba osulugwadule,
Engani wathi Kimi amasongo akhalakahle mayemabili,
Pho kwenzeka kanjani eba mathathu?
Ooh kodwa soka lami!
Ukube inhliziyo Yami ngayijikijela ehlane
Ngabe ihlelikahle esiswini sezilwane kunokuba uyigxobe uyihlikihle qede uyikhahlele.
Isineke sami ngikukhiphela amangwevu othando sibe yize kuwe
Bathi uthando impilo kodwa lolu ukufa.
Uyangithanda noma ubungithanda?
Ungithanda kanjani ungenza ihlaya
Kulo osumbiza ngamagama owawubiza ngawo mina.
Yeka isikhathi sami
Ngikhala ezendlovu izinyembezi
Inhliziyo yala ukudedela inqondo yala ukukucabanga.
Kwanina niyimbumba nalomuntu ongivova njengehluzo ephindelela inhliziyo yami
Nhliziyo yam nawe uyisitha
Nawe nqondo yam uyisitha esingithatha singibeke ngemcabango yokumthanda ekubeni ubazubuhlungu angizwisa bona.
Sengiyaphoqa ngoba uyangiphoqa ukuba ngiphume kuwe sengiyaphuma
Kusho mina ngizikhohlisa ngoba uThando ubethela izipikili zothando kwinhliziyo engesenamnikazi kazi kuyobanjani.
Uyangithanda noma ubungithanda?