Ngizw’ isililo sowesifazane
Uyakhal’ uhewula kamunyu
Ugone indodana yakhe esithule
Uthi ubeziphilela ngokuthula
Benomyeni bebenezingane ezingu-54
Beziphilela kungonakele lutho
Becebile benothile bengaswele lutho
Imfuyo ibithè chithi saka
Okumbiwa phansi kuyi nala
Konakal’ ukufika kukaYurophu
Samamukela sambonisa ubuntu
Kanti inkunzi yesela umgulukudu
Wathath’ umyeni wami wamusa empini
Wathath’ amadodana namadodakazi ami
Wona wawayisa ekuthunjweni ebugqilini
Wathatha ngenkani ebesiziphilisa ngakho
Wena siliva, wena golide, wena oyela
Bakushaqile babelana bodwa
Mina nabantwana bami ngifile indlala
Baphoqelel’ izilimi zabo esingingazazi
IsiBhunu, isiFulentshi, isiPutukezi; nesiNgisi
Baqede badunga umndeni wami
Izingane zami zicwasana zixabana zodwa
Izwe lakithi beliyidlel’ eliluhlaza
Kodwa baliqothulile balijika ihlane
Manje sekukhal’ ibhungane
Akasenamnyeni ushiywe dengwane
Uyalil’ umama-Afrika ukhalel’ amandla akhe
Ukhalel’ umyeni wakhe owafela empini
Ukhalel’ abantwana bakhe abasekuthunjweni
Uthi uyajabula wena owesifazane ongazalanga
Wena ongabazi ubuhlungu bokuhelelwa
Uyalil’ umama-Afrika ufun’ ukuthula
Ucel’ uziso kunoma ubani ongamtakula
Ukhalel’ amandl’ omnotho wakubo
Abebeziphilisa bezondla ngawo
Uyalil’ umama-Afrika uthi uyadela wena owesifane
Ongabazi ubuhlungu bokuthathelwa umyeni
Ongabazi ubuhlungu bokuphucwa izingane ngenkani
Izifo ngapha, izimpi nendlala ngapha
Konke makanye kanye kuqakisana ngaye
Uyalil’ umama-Afrika uthi mayΓ¨ kuye
Laze lanzima leli joka elibekwe kuye
Njengembokodo uzobekezela uzoqina
Bazokhul’ abantwana noma kunzima
Bayomsul’ lezi zinyembezi zosizi
Ekugcineni uyojabula athi ukuzal’ ukuzelula!
ibhalwe ngu:
Sthembiso Sydney Msezane