Ngizamile ngehluleka
Hay ngoba ngiyi sehluleki.
Owangidala wangipha inhliziyo
Ehlukile kunezabanye.
Abanye bayazonda kubafanele
Kepha mina ngiyehluleka.
Ngadalwa ngebumba elifana nelabanye
Kodwa lehluswa ngokufakwa uxolo.
Ngafakwa uxolo lokubaxolela
Bengonile bangalucela uxolo.
Nawe wena owangona
Yazi namhla ukuthi kade waxolela.
Asibaxolele ukuze nathi sizothola uxolo
Ngoba ongazoleli akakutholi ukuxola naye.