Uthi uyangithanda kodwa kunokodwa

Izenzo zakhe zino kodwa

Kunokukodwa okusalayo kodwa yini kodwa?

Yena uthi , uyangithanda ?

Kodwa kunoku kodwa

Izenzo zakhe zinoku kodwa

Kunokukodwa okusalayo kodwa yini kodwa?

Aluthengwa ngegolide nesiliva

Alumbiwa lingezona izimbiwa phansi

Lokhu ngikusho ngiphansi emoyeni

Umoya unyukile nemimoya iphezulu

Ngiyazi usuyazibuza ungeziphendula

Nezimpendulo zingebuzwe

Ziphinde ziphendulwe ngezimpendulo

Ungeziphendule Ngiyazi

Kodwa kunoku kodwa

Izenzo zakhe zinoku kodwa Kunoku kodwa okusalayo kodwa yini kodwa ?