Uthi uyangithanda kodwa kunokodwa
Izenzo zakhe zino kodwa
Kunokukodwa okusalayo kodwa yini kodwa?
Yena uthi , uyangithanda ?
Kodwa kunoku kodwa
Izenzo zakhe zinoku kodwa
Kunokukodwa okusalayo kodwa yini kodwa?
Aluthengwa ngegolide nesiliva
Alumbiwa lingezona izimbiwa phansi
Lokhu ngikusho ngiphansi emoyeni
Umoya unyukile nemimoya iphezulu
Ngiyazi usuyazibuza ungeziphendula
Nezimpendulo zingebuzwe
Ziphinde ziphendulwe ngezimpendulo
Ungeziphendule Ngiyazi
Kodwa kunoku kodwa
Izenzo zakhe zinoku kodwa Kunoku kodwa okusalayo kodwa yini kodwa ?