UNhlolanja uhlale ufika ugujwe njengenyanga yothando kodwa mina ngiyakhala.

Ngikhala ngothando oludukile okungakhulunywa ngalo uma kukhulunywa ngezothando.

Lwashonaphi uthando lamaNguni?

Siyo lubonani uthando lokuthandana kwabantu bengazani futhi bengahlobene.

Ngikhuluma mina ngenzala yesisu somhambi singange nso yenyoni.

Lapho kwakungadlulwa ngendlu yakhiwa nendoda ingamenywa esithebeni.

Ngikhuluma ngenzala yenyoni yakhela ngamaqubu enye.

Ngikhathele ngokuxoxelwa ngothando oludukile,

Azibuye emasisweni angavalelwa ngaphandle ongenaye umasihlekisane.

Olwethu akube olwemihla ngemihla.