Inhliziyo yami ichitha uthando negazi
Ubani obewazi ukuthi inhliziyo yami iconsa igazi
Ngilahlekile emoyeni nginothando nezandla ezine gazi
Izitha zami zingifuna phansi ngopha igazi
Inhliziyo yami ichitha uthando negazi
Amanqe alende ukungidla angiqede angiphuze negazi
Abanye bathi bayangithanda kodwa bangifuna ngivuza igazi
Abanye abazi ukuthi inhliziyo yami igaya izibozi negazi
inhliziyo yami ichitha uthando negazi
Izinkemba zihlonywe emhlane wami kwehla igazi
Uthando lwamanga lufana nemikhonto ekade ichitha igazi
Ulwazi imvelakance kulo ompofu odla elakapondo uchithe igazi
Inhliziyo yami ichitha uthando negazi
Inhlupheko iyazenzela inhliziyo ize yavuza igazi
Imizwa yami nomoya wami kumabokoboko kuputsha igazi
Inhliziyo yami ichitha uthando negazi
inhliziyo yami izibobombobo njenge mbawula isaphaza igazi
Izisheli zami zidlale ngami nothando lwami zashiya inhliziyo yami igoboza igazi
Ifa lami lachifiza umndeni wami wonke kwachitheka igazi
Inhliziyo yami ichitha uthando negazi