Muntu omuhle kunabo bonke abantu.
Muntu engimthandayo,
ngihlezi ngi vuka ekusen ‘ kubingelele.
Bengi hlangana nawe ngi vele ngimoyizele
Muntukazana ohlezi engi nakelela.
Ufudumeza ngisho noma kungabasiwe,
ukhanyisa noma kucishiwe.
Uma ikati lilele eziko,
uhlezi unayo indlela yokwenza.
Wena ungumuntukazi othofozela kamnandi njenge siqamelo.
Uyisimanga somuntu,!
Uhlale wenza izimanga nezi mangaliso,phakathi kwekhaya.
Imbono yakho iy’wusamanisa umndeni,
izenzo zakho ziyisi bonakaliso esihle phakathi kwekhaya.
Njengoba, intandane enhle ngumakhothwa.
Wena ungu mama umuntu onga’mndinga ,
wena uyi yikho konke umuntu ongayidinga empilwen’ yakhe
Uyo hlezi uyimbokodo ✊