Uthando aluboni,

Uthando luyingozi.

Luyakwaz’ ukwenza umunt’ eqe imifula ngamehlo,

Libone ngapheshey’kolwandle,

Lizwe amagagasi emizwa.

Luyamshintsha umuntu lum’phendule isilwane.

Luyintambo ehlanganis’ abantu ababili,

Benze isibopho sothando.

Luyindida uthando,

Luyakwaz’ ukuk’thandisa umuntu ongak’thandi.

Uthando aluboni ngoba awumazi ofanele ukuphatha uthando lwakho.

Luyamangaza uthando ,

Uma seluvuth’amalangabi ukhohlwa nanokuth’ luyaphoxana.

Luyisimanga uthando,

Luyakwaz’ uk’phenduka inzondo phakath’ kwabantu abathandanayo lubenze izitha.

Uthando luyingozi,

Bangakhi abasemakhazen’ ngenxa yalo?

Bangakhi abasebambozwe inhlabath’ yamathuna,

Bangakhi nabakhihla esikanandi bewisa izinyembez’ ezigobhoza okwempophoma,

Bangakhi nababekezela noma sekunzima?

Uthando aluboni luyimpumputhe.