Thando ungihlukumezile.

Thando uyiphulile inhliziyo Yami

Bengikwethemba Thando Kanti angazi ungangi jikela esiswini njengotshwala.kwimanje inhliziyo Yami yephukile ngenxa yothando.,……kungeyimi ο»Ώngedwa okulenkinga sibaningi abanye balele emajele ngenxa yothando abanye abasaphili kulomhlaba kungenxa yothando.

ukungazi kufana nokungaboni ,….bengithi nami ngiyathanda futhi lona ngizomuvalela ngaphakathi kweyami inhliziyo Kanti angibuzanga elangeni usedane wancamela ukugqekeza enhlizweni Yami waphuma wabaleka wangishiya ngedwa egumbini lothando.sengisaba nokungenisa omunye ngoba uzogodola khumbula kugqekeziwe kulenhliziyo yami.

Kanti Thando uthanda abanjani? mina angikaze ngiluthole uthando kulaba ebengibanika uthando noma umuntu onothando akadalelwe kuthandwa Na?

Ngyazibuza imbuzo izimpendulo lutho kuzithola ngikhuluma nje kwimanjer singena emathandweni sithi sizothanda Kanti kuzopholiswa ngathi izinhliziyo zabanye nazo ezaphulwa abanye zapholela ukuyothanda abanye.