Angimude futhi angimfushane

Ungathi nje ngiphakathi nendawo.

Angimkhulu futhi angimncane

Ngizishayela nje ngomzimba ongababazisi.

Nginezinwele ekhanda eseziqala ukuxuba

Ngokunjalo nesilevukazi seqalile ukuqhakaza.

Izandla zam nezinyawo zami azikho nkulu

Ngokwezinombolo zezicathulo ngithe cababa ku 7.

Ibala lami alikhanyi futhi aliqinile

Kodwa singathi nje liyazifihla izibazi.

Ngabelwa inhliziyo ethandayo ukwenza okuhle

Nokusiza abaswele.

Ngiyaphuza ukudinwa

Futhi ngiyashesha ukuxola.

Nginenkinga yokuhujwa zizikhundla

Kodwa mina ngibengingazi hubhi.

Isakhiwo sami lesi

Nabangaziyo bangakuchazela.