Angimude futhi angimfushane
Ungathi nje ngiphakathi nendawo.
Angimkhulu futhi angimncane
Ngizishayela nje ngomzimba ongababazisi.
Nginezinwele ekhanda eseziqala ukuxuba
Ngokunjalo nesilevukazi seqalile ukuqhakaza.
Izandla zam nezinyawo zami azikho nkulu
Ngokwezinombolo zezicathulo ngithe cababa ku 7.
Ibala lami alikhanyi futhi aliqinile
Kodwa singathi nje liyazifihla izibazi.
Ngabelwa inhliziyo ethandayo ukwenza okuhle
Nokusiza abaswele.
Ngiyaphuza ukudinwa
Futhi ngiyashesha ukuxola.
Nginenkinga yokuhujwa zizikhundla
Kodwa mina ngibengingazi hubhi.
Isakhiwo sami lesi
Nabangaziyo bangakuchazela.