UMZUZU OMUHLE

Sekuyilowo Mzuzu omuhle.

Wonke umuntu uyawulangazelela,

Wonke ukumuntu uyawujabulele,

Lesi sikhathi sibakanye onyakeni.

Yonke imindeni iyabuthana,

Yonke imndeni ihlela imcimbi ezoba ngalesiskhathi.

Umuhle Zibandlela.

Umuhle uhlanganisa izihlobo ezadukelana,

Umuhle uhlanganisa izithandani,

Umuhle uhlanganisa uMyeni noMkakhe,

Umuhle uhlanganisa iSoka neNtombi,

Uphind’uhlanganisa izitha zizithola sezixhawulana,

Iphind’usihlanganisa nezitha zethu sihleke nazo siveze elomhlathi.

Uliqhawe Zibandlela.

Kuyashadwa baboph’ifindo,

Kuyemulwa bayakhulisa abantwana

Kuyakhehlwa bayakhehlelwa,

Ugcwalis’amaDolobha namaDolobhakazi.

Ugcwalis’iZimoto namaBhasi.

Abanye baphindaphindelwa imiholo yabo.

Umuhle nomoya wakhe oshaya kamnandi lapho kushisa.

Umuhle sizibhuquzela esihlabathini soLwandle wena upholisa kamnandi.

Cha Zibandle kuningi okuhle ngawe.

Sesibonga ukusihlanganisa nemindeni yethu.

Impela ungumzuzu omuhle