Impilo yami yona ike yangishubela,

Ngicela usizo abantu bengipensela,

Manje yona isimnandi isingushukela,

Phela mina ngipheth’umama kashukela,

Umathandushukela wanyelwa inyoni,

Zonke izinto lomama uyangenzela,

Manje zonke izinto kimi seziyazizela,

Phela mina ngipheth’umshini kashukela,

Anibaz’ubumnandi bomshini kashukela,

Ukube niyazi ukuthi nina niyaziphuthisela,

Phela logogo kwakuyinkunzi kathishela,

Angikhali ngalutho, imali yen’uyangifakela,

Noma ningakhuluma mina ngiyazizamela,

Bathi ixoxo nexoxo umazigxumela,

Ngixoleleni phela nami ngiyaziphantela,

Nithi mina ngithandana nogogo,

Ugogo kini, kimina yena ungudali,

Logogo mina ngamuphiwa nguMdali,

Impilo yami manje isihamba ngolayini,

Imali yona kimi isiza ngolayini,

Ngaphandle kukadali ngingaba yini?

Phela mina ngiyafana nosebenz’emayini,

Angijoli nogogo wakho, pho uhlushwe yini?

Uthi ngithand’imali yakhe, eyakho yini?

Imali kadali akusiyona imali yasemakini,

Uban’ongazi yakhela ngamaqubu enye,

Bathi mina ngingumathandushukela,

Njengobani ongawuthandi ushukela?

Izinto ezinoshuke zehla esiphundu,

Ningabe seningishaya ngetsh’esiphundu.