NGIZWA UMSIKO

Bengithi ngiyafa impela bengithingizoncwatshwa.

Ngizwa obunye ubuhlungu engingeke ngabufanisa nalutho.

Ubuhlungu obuzwa qeda bakutshele abahlengikazi iskhathi ozolapheka ngaso, uvelubone impela ungofileyo.

Ngingakufanisa nani nje kombe lezinhlungu?

Yey akufani nakuqhuzuka, nakushaywa, nakuklinywa.

Yey kwehlukile ngangithi bayadlala abantabadala mabethi amaswidi.

Yey amaswidi angenashukela nasawoti.

Amaswidi ozihlubele wena wahlafuna, wanambitha wagwinya.

Amaswidi athi masuwangwinyile kuma ubona ukuthi cha bengafanele nhlobo ngize ngilihlube leli.

Kwakulidla ngilidle ngephutha linabanikazi labo.

Inzima nayi into bengazi ngizothi ngiphethwe yini.

Bengingazi ukuthi kanti umsiko sengizobeletha?.

IBHALWE UMAKHOSI SHWALA