UYANAKEKELA.

Kusukela singakazalwa,size sifike kulomhlaba.

Lapho izinhlungu nomkhuhlane kufika,singenasibofu,siyobayoba,ubepotopotoza size simamatheke.

UNOTHANDO.

Inhliziyo yakhe imnene,igcwel’ uthand’ olungenamkhawulo,uthanda noma kungathandeki.

AKASILONA IGOVU!

Uqhephula noma kukuncane ukuze benele bonke akabafukameleyo,akababoni bewumthwalo kuye.

Uma izinto zingahambi ngendlela,uyaqondisa,aphinde abe umduduzi.

AKALONA IVAKA!

Akaphos’ thawula,ubekezela noma kukubi,athembe noma kungathembisi.

UYIKHO KONKE!

Uma umlingani ecelempunzini,okanye wendele koyisemkhulu,uba uBABA abe uMAMA.

Ibhalwe ngu Thandeka ka Fabian no Sheila Grieves