Uma ukuthiā€¦

Uthando lwami olwanele,

Awusho ngani?

Ngalok’ ngiguduza othandweni ngedwa,

Yingani uthando lwami yilona oluphuma

Phambili.

Yindaba kubonakala sengathi

Yimina k’phela osemathandweni

Uma ukuthi ngingedwa kulokho

Yindaba ungasho?

Nami ngazi ukuthi nelinye nelinye ixoxo

Liyazigxumela.

Kanti kwashonaphi ukubambisana

Othandweni noma nawe

K’sasa uyahamba othandweni?

Manje kungani uzenzisa ukung’thanda.

Uma ukuthi uthando lwami

Alwanele, awusho ngani uma ukuthi

Kuzoba umagida s’bhekane

Ncono ngibambe indlela

Khuluma ngabe unaso yini

Is’bindi nenhliziyo.

Is’bindi sokukhuluma iqiniso.

Inhliziyo yothando.

Uma ukuthi kuyosala kuvithike eyami nhliziyo kulungile,

Kunok’hlala ethembeni elixhengayo.

Uma ukuthi,

Uma ukuthi, umaa…..