Thando ungubani ngempela
Ngoba imizwa ethile ifika emqodweni wami uma ngicabanga ngawe
Uma ngizama ukukuhlaziya
Ngimane ngidukelwe ikhanda
Lemizwa ongenza ngiwizwe awuqondakali futhi awuchazeki
Angikwazi nokuchaza ngoba imizwa isenhliziyweni Yami
Ngoba ibhodwe kuphela elaziyo ukuthi umlilo ushisa kangakanani
Ngakho inhliziyo Yami kuphela engasho ukuthi ngizizwa kanjani
Baye bazama ukuqonda ukuthi ungubani ngempela
Kodwa konke kwaba yize
Uwu phunyuka bamphethe
Kudala ngaliphonsa ithawula
Ngehlulekile
Thando Ave uyisimanga