Thando ungubani ngempela

Ngoba imizwa ethile ifika emqodweni wami uma ngicabanga ngawe

Uma ngizama ukukuhlaziya

Ngimane ngidukelwe ikhanda

Lemizwa ongenza ngiwizwe awuqondakali futhi awuchazeki

Angikwazi nokuchaza ngoba imizwa isenhliziyweni Yami

Ngoba ibhodwe kuphela elaziyo ukuthi umlilo ushisa kangakanani

Ngakho inhliziyo Yami kuphela engasho ukuthi ngizizwa kanjani

Baye bazama ukuqonda ukuthi ungubani ngempela

Kodwa konke kwaba yize

Uwu phunyuka bamphethe

Kudala ngaliphonsa ithawula

Ngehlulekile

Thando Ave uyisimanga