Kufa,ufike ngingalindele,

Wafika wathatha umuntu obesondelene nami.

Umthathe ngingalindele.

Wamthatha wangishiya ngimangele futhi ngizibuza “Kanjani”.

Kodwa Kufa unjani!

Umthathile,ngasala ngigcwele izinyembezi emehlweni ami.

Bekufanele ngabe ngivalelisile,kodwa angikwazanga ngoba ufike ngingalindele.

Ngiyakhala,amehlo ami agcwele izinyembezi.

Ngiyakhala ngikhalela ukuthi angeke ngiphinde ngimubone lomuntu omthathile.

Into esengisele nayo izinkumbuzo zakhe

Kodwa Kufa unjani!

Kunzima ukwamukela ukuthi usumuthatha ingunaphakade.

Ngiyazibuza ukuthi engabe ubani ozomthatha olandelayo?

Ngoba phela wena Kufa uhlezi ufika kungalindelwe.

Amehlo ami agcwele izinyembezi.

Ngiyakhala ngikhalela ukulahlekelwa umuntu obesondelene nami futhi ebengimthanda.

Kodwa Kufa unjani?

Lenkondlo ibhalelwe u Bab’Biyela,Menziwa

Lala ngokuthula Menziwa

Sohlezi sikukhumbula