Mlomo wami ngikhulumani,

Mlomo wami ngiphimisani,

Mlomo wami ngithini kubantu,

Mlomo wami khuzeka.

Angiqaphele engikushoyo,

Ngicela ukukhuluma ukuphila,

Ngicela inhlonipho ngomlomo,

Ngicela ukwazi ukukhuluma.

Uthole ingane encane,

Usho elikhulu igama ngomlomo,

Uthole ingane ukhuluma ngokweyisa,

Uthole ingane ilahlekelwa inhlonipho.

Mlomo wami thula,

Mlomo wami yazi indawo yakho,

Umlomo wakho yiwo oyokuphumelelisa,

Umlomo wakho yiwona,

Oyokwabdisela izinsuku zokuphila,

Qhubeka njalo mlomo,

Uhloniphe.