Ukubekezela okungibek’ethala

Ungibona ngilapha nje, bekungelula.

Bekusinda kwenyukela, ngaphokophela.

Abanye bafunga bagomela,

Abathakathi bethumela,

Ukubekezela okungibek’ethala.

Bagadle kwezikabhoqo ngaqinisela,

Bagadla nangasese ngabekezela,

Izinduku zamavaka zagadla zephukela,

Izinhloso zabo kaze ziphumelele,

Ngokubekezela namuhla ngiphumelele.

Ukubekezela okungibek’ethala.

Izolo bengivuka besalele,

Namhla basele nokulala kwabo.

Sengibeka nenkec’ebhange Ithala,

Ukubekezela kwami kungibek’ethala,

Iminyaka emine ngibekezele,

Namuhla sengisiza nosezele.

Izolo kade beyizimandlela,

Bethi soze yaphela lendlela,

Ebumnyameni ngayicinga ngekhandlela,

Namuhla sengigqoka izimendlela,

Ngalezimendlela uzongithol’emtholampilo,

Ezibhedlela ngisiz’abagwazene ngamabhodlela,

Abazithwele nabanokhwantalala bangabami,

Zitha zami ngiyonibona ngoZibandlela,

Ngizonithengela amabhodlela anhlobonhlobo,

Ukubekezela okungibek’ethala.

Akulula njengob’ucabanga,

Um’ucabang’ukuthi kulula, ungayozama.

Bengicabanga kanjalo ngisekude,

Kwajik’ukudla esiswini sengiseduze,

Namuhla ngiyazithengel’okuy’esiswini,

Amathumb’esiswini ngiyazigcwalisela,

Izolo banqabile ukungigcwalisela,

Namuhla bacel’ukugcwaliselwa,

Ukubekezela okungibek’ethala.

Nawe laph’okhona bekezela,

Bengenathemba kuwe ubekezele,

Ungabavumeli bekubambezele,

Ngokubekezela uzophumelela,

Namuhla ngiphumela obala,

Ukubekezela kwami kungibek’ethala.