Oh smomondiya sami. Sengijahile ukukubona newashi ligibele inqola yomnenke. Alifuni ngifike kuwe mfudumalo yami.

Sengifisa engabe senginawe sdudla sami. Sengijahe ukugculisa amehlo ami ngomamatheko lwakho. Oh ngoba masumamatheka ukitaza imizwa yami Ngiphuze lezo zindebe ezinambithekayo. Izandla zami zigijima emzimbeni wakho,ziduke kulokho kuthamba komzimba wakho. Angisakwazi ukulinda. 

Sengijahile ukukugculisa ngendlela indoda ekumele igculise othandiweyo wayo. Ngize ngifune ukukugculisa nje ingenxa yakho ukitaza imizwa yami,kuyimanje ayisakwazi nokuzibamba. Umzimba wami uyadushelana,sekonakele.

Uma ngifika lapho kuwe. Ngivumele ndlovukazi ngizitike ngoju lwakho olusekujuleni olungishiya ngikulangazelele,ngishawa uvala oluncane luthi nke. Ngiyathembisa angizoba naxhala. Ngizoba nesineke angeke ngikulimaze. Ngivumele ngikufikise emizweni lapho ugculiseka khona. Oh sthandwa sami umzimba wakho indlela ongichaza gayo ungenza ngibe nesiyezi. Ngihlale ngizibuza ukuthi yimi ngempela lo onothandaweyo onguwe

Ah sekuwu nqo ezimpondweni muntuza ngisendleni 

~Song Wright