Nonke nilokhu ningibuza ngodali,

Nonke nina anazi lutho ngowam’udali,

Nithi ngabonani kuye udali,

Wozani nginixoxel’indaba ngodali,

Udali ngamuphiwa ngowami uMdali,

Udali wami ungiphekela udali,

Ngishay’esentwala ngodali kadali,

Mina lodali ungithengel’izimbali,

Angenzela khona yena akakubali,

Udali wami ungiphatha ntofontofo,

Ubuhle bukadali bunjengembali,

Mina naye udali sohlala eZimbali,

Amabombo ngiwabhekis’eKhimbali,

Ngithol’itoho lokukha izimbali,

Ngawe ngicebile ngibe ngingenamali,

Abafowabo bakadali kimina bangosbali,

Webafowethu mina ngiyamthand’udali,

Ngizozishaya ziphelele kubo kadali,

Bethath’okungokwab’abakubo kadali,

Ngishaye ngichithe nowami udali,

Ngalodali mina ngiyamubong’uMdali.