Eningini mina ngimkhethile,

Ngenhliziyo yami yena ngimthandile,

Abangcono kunami yen’ubakhethile,

Inhliziyo yami yena uyiphoxile,

Ukungishiya yena ukukhethile,

Okwamafinyila yena ungilaxazile,

Uthembisil’ukuth’angeke angishiye,

Ubothemba itshe mtakababa,

Ngaye mina bengizimisele,

Ngami yena ebengazimisele,

Namuhla mina ngedwa ngisele,

Emoyeni wami ngilimele,

Enhliziyweni yami ngilimele,

Enhliziyweni yami wen’uzikhiphile,

Isikhathi sami ungimoshele,

Uthando lwami ilon’olukudakile,

Udakwa umbuso mina ngikutshele,

Hamb’ushone okwesipikili,

Ngisaxhoshiwe bengibona umfazi,

Bengingazi, ngawe ngizofa ngingazi,

Ukuthi ungumbulali mina bengingazi,

Ukungazi kuyefana nokungaboni,

Sonke lesikhathi mina bengingaboni,

Ubudlala ngemizwa yami ngingaboni,

Nabangakakuboni bayoze bakubone,

Mina ngifisa ngabe akaze ngikubone,

Kuwe ngibone abangakaze bakubone,

Ngiyoxoxela nabangakaze bakubone,

Okwesipikili wena hamba ushone.