Ubuntombi bam,

Ngakhetha ukuyobubhubhudla esami iskhathi

Singakafiki , kuhle kwama-2K

Ngakhetha ukuba inkukhu yakwa-Nandos

Ekubeni ngabe ngazigcina , ngahlalisa okwenkukhu yase-Shoprite .

Umkenenezo wothisha nabazali bam ,

Bengikhuza ngalomfana owayengithembisa izulu nomhlaba

Usadlala ekhanda lami

Phela namhlanje angiseyilutho

Ngenxa yamaphutha nezenzo zam engazenza

Ngingacabanganga ,

Sengifikelwa nawukuzisola uma

Ngibona ontanga bam bengodokotela ,

Bengo-Njiniyela

Injabulo yabazali bam ngayiphencula izinyembezi,

Izinyembezi zabo ngaziphendula igazi

Ubuntombi bam

Ngakhetha ukuyobubhubhudla inkomo

Kamama nobaba ingaphumanga .