U-AFI BENO FIFI

Amantombazanyana amabili ayengabangani abakhulu, futhi wawungeke nhlobo ubehlukanise. Ayekhonze kakhulu ukudlala ngokupheka, nangokubhaka babesebenzisa ubumba kanye nokusatshani ukwenza ibiliboco zabo zekhethelo.

Babevamisile ukuvakashelana emakhaya abo. Babenesikhathi sokuba sekhishini babukele umasekuphekwa isidlo sakusihlwa. Bese ngakusasa belingisa bekupheka nabo ngotshani nangodaka lwabo.

Langalimbe bazithola bebodwa kubo kaFifi babona kuncono ukuba beqale umdlalo wabo wokupheka besebenzisa ukudla kwangempela okwabe kusendlini. Baqalake abangani u A-fi washaya adumengazo waqala wabhaka amakhekhe esebenzisa wena maqanda, lubisi singabala noju nama raisins uqobo. kantike uFifi waye eshaya isitshulu senkomo kanye ne papa.

Okwamangaza abazali bakaFifi baze babiza abazali baka A-fi ukuthi konke okwakuphekwa ngabantwana kwakuwukudla namakhekhe aseqophelweni eliphezulu. Kusukela ngalelolanga abazali bakaFifi kanye nabaka A-fi bavele bavula enkulu indawo yokudla baqala ibhizinisi. Okujabulisayo esikhangisweni kwakuvela ubuso buka A-fi kanye noFifi nokudla kanye namakhekhe abo.

IBHALWE UMAKHOSI SHWALA