THAND’IQINISO ZOND’AMANGA
Amanga ayabulala,
Iqiniso liyaphilisa,
Mntanami amang’akufakakwalasha,
Mntanami amang’ayaqhatha axabanisa abantu bezwana,
Futhi amanga yaz’ukuthi akasathane.
Unkulunkulu uthanda iqiniso futhi usifundisa ngalo.
Amang’ayokuhlupha ubusuku nemini.
Amang’ayokusa esihogweni.
Thanda iqiniso zond’amanga.
Okuhle Mntanami ngeqiniso liyakhulula,
Iqiniso liyamakha umunt’ozophilelana nabany’abantu ,
Iqiniso mntanami likuphilisa Kade.
Pho uzuzani ngokweqhath’angenkohliso?
Pho uzuzani ngokubuk’abantu bekwebhana ngenxa yamanga?
Ake siphile senz’okuthandwa uNkulunkulu,
Ake siziqhelelanise namanga.
ibhalwe uMakhosazane Ndwandwe Shwala