uMawami?!

Awu?!

Ngcobo!

Mapholoba!

Fuze afulele njengefu lemvula!

Mashiyamahle sengath’ azoshumayela!

Nyuswa!

Mabhala ngozipho abanye bebhala ngepensela!

Malale fake umunwe endunu!

Avuke ekseni akhombe ilanga!

Mavelankungu kuveli langa!

Sididane!

Ngongoma!

Maqadi amakhulu!

Mbili!

Le ntokazi eyangigcina esibelethweni sakhe

Uyintandokazi yami; nami ngiyintandokazi yakhe

Ave’ muhle

Nobuhle bakhe obumangazayo

Ave’ muhle

Okwe imbali eqhakazayo

Ave’ muhle

Okwe langa elibhanyazayo

Ave ngim’thanda umawami?!

Ungumuntu wabantu

Kodwa k’mina uyimbokodo yami

Mawami, ngyabonga ngokukhulu owakwenza kimi

Ngize ngibe ilomuntu namhlanje?!