Um’ umunt’ eke wakubamba ngesandla kungakhathalekil’ ukuth’ indibilishi nom’ izizumbulu, nom’ engab’ omdala nom’ omncane,uvel’ asangan’ ikhanda.
Unjalo nje unguphunyuka bemphethe.
Impil’ ibanzima mawu kude nathi,kepha um’ ukhona sizizwa sibalulekile,sihlonishwa nokuhlonishwa.
Abanye baze bancenge.
Oncengway’ azibon’ epheth’ umhlaba ngesandla.
UYISIBUSISO FUTHI UYISIQALEKISO!
Utheng’ onembeza kwabanye.
Umunt’ osuk’ enezindimbane uhlal’ enengabhe ,adlel’ ogageni ngob’ esab’ ukuth’ uzosocongwa.
Abany’ imihla yabo yokuphil’ ishesh’ iphele ngenxa yokuthengisa ngemiphefumulo yabo, bazinikele nase zinkolweni zobumnyama ngoba besuke befun’ umcebo wasemhlabeni.
Ngaw’ imizi yabant’ iyachitheka,kant’ eminy’ iyavuka.
Utheng’ uKUPHILA, utheng’ uKUFA.
Yikho kuze kuthiw’ uyimpande yesono ngoba ngaw’ umphefumulo womunt’ u yathengeka, azibon’ eselengel’ ophathe kube kade kungenhloso yakhe.
Laph’ ukhona wen’ uthando luba ngangezi mpethu zendlovu nom’ engabe belungekho.
Kwabanye luyaguquka lub’ inzondo.
Um’ ukhona kusindwa ngobethole,kant’ umungekh’ amakhay’ aphenduk’ ikomkhulu lenkengane.
UYINKINGA FUTHI UYISIXAZULULO.
Onendibilish’ ufis’ izizumbulu, nonezindimbane azigcini zonk’ izifiso zakhe.
Wenza ikusasa labanye liqhakaze,kwabanye lifiphale,lifadalale.
Laph’ ukhon’ ogedleyihlekisa baba iziduli zabasali.
Onontandakubukwa baba ngango Zulu eyeMakheni.
Bebodw’ ababukisa ngezint’ ezingamagugu kubo.Ushabalalis’ isimilo kwaba ntekenteke.
Abaqwayizi namayengandoda kwazalwa.
Abesilis’ abayeng’ abanye besilisa noma abesifazane badlondlobala.
Izinkabi zithi ncinci kamjoli,makuphathw’ igama lakho,kant’ izinswelaboya kanye namasela kuyadlebeleka.
Abakhunkuli nomalugaju bona bagqugqumezeleka,kwath’ abalutha ngezobuchwepheshe bona baba nogqozi nofuqufuqu lokukwenza lokho.
Ukuthunjwa kwabantu kuyabhebhetheka,kuze kuthengiswe ngisho nezicubu zabo zomzimba.
Amavukela mmbuso akhula.
Ukushushumbiswa kwezi dakamizwa kwaba insakavukela.
Abadayisi bezidakamizwa bona bayatanasa,badayisela ngisho nezingan’ imbala.
Ogalakajana baba inala,imiz’ emining’ iyawa ngenxa yolimi kubangwa wena mali ndini.
Umhlaba wonakele kangaka ngenxa YAKHO!
Bantu akenizifundis’ ukuthi imal’ ayiyona yonkint’ emhlabeni,nibe nobuntu nonembeza nothando olungenamibandela.
Ibhalwe ngu Thandeka ka Fabian Dlomo no Sheila Greives