Sizwe solusha olomileyo.
Sethuleni umthwalo siyasindwa.
Ngenhlizoyo ngithwele uthando ngifuna ukulwedlulisela kunina.
Kodwa onhliziyo zenu ziyasindwa.
Zisindwa amanzwi akhuluma ukwahluleka, yethulani.
Niyesindwa ndlu emnyama amazondo.
Nisindwa amagama ayiziswana nje! Uma sike sazama empilweni.
Amaketango aqalage impilo yemi “bathi soke sibone”.
Kwayaphi ukufiselana okuhle ngenhliziyo emhlophe na?
Umthakathi inhliziyo ehamba namathwasa alo iso ngiyalesaba.
Ningibulalela ukubukeka ngimuhle emzimbeni ulwazi ninganalo.
Nginuka amakha nibona ngimomotheka nje aninalwazi.
Mina sengazidlela isinkwasemihlangemihla ngaso ngyesutha.
Sengaphila ngezinyembezi mina uma ngiphuma ngishiya ngineke imiqamelo.
Ikusasa lami liyashabalala ngibhekile ngingenakwenza lutho.
Isikhathi sobusha bami siyaphela mina ngiyongena ebufazi empilweni ngingenalutho.
Leyo micabango nemidlinzo ebophayo bese kuwukushayelela nje esokugcina.
Nibophe inja nogodo, kanti aniboni yini izwekazi lihlaselwe okuningi besekufanele nephephise kulokhu.
Nifunelani ukuqalekisa ixhokovana elidala seliyakuziwela lefihlwe ngomcako osanda kuvuselelwa.
Khulula umuntu omnyama nhliziyo kunjena nje! Kufa abantu ngawe.
Ndlemnyama khululani izinhliziyo nisikhiphe thina ekufeni .