Luthando hambela nangakimi

Ngihlukane nokuhlala ngihamba ngedwa okwejuba lidukelene nawakubo.

Dilika ntaba sibonane noyothandwa inhliziyo yam, naye ayithande futhi.

Ngibabele kwamagama onoshukela

Kwamahleka kuvele elomhlathi.

Suka nkungu ngisibone isiphalaphala sam

Esinyathela ngabantwana namazinyo aluthotho.

Ngikhuluma ngendoni yamanzi

Ipatshaza lami elinguphuma langa sikothe.

Awu kodwa swidi lam lokhuhlane

Imbali ekhanya isalukazi sicoshe inayiti.

Ngivumele leni ngiwabambe amatom

Noma ngigijimise okwe phisi.