Kade ngizihlupha ngilala ngingalele ngicabanga ngendaba yalabantu abatshengisa ukungangithandi ngibe mina ngingazi yini esiyibangayo nabo.

Ngibaxolele bengalucelanga uxolo, ngawavuma amaphutha ngingawenzanga ngoba nakhu ngizama ukugwema ukukhuluma okungenasidingo. Kanti nokulwa impi engenasicoco akukhombisi ukukhula noma ubuhlakani.

Bawudlalile ke lomdlalo wabo ngikhathazekile, namhlanje syahleka kuvele elomhlathi, kusasa akasakukhulumisi umuntu wakhona uyazibonela nje nawe ukuthi ngathi bekudliwa inhlaba namhlanje.

Sekufanele ngihlupheke ke mina manje, ngihluphe umqondo wam ngizibuza ngimenzeni. UNkulunkulu wasipha imilomo ukukhuluma makukhona okungakuphethe kahle, kodwa abantu uzobabona bephukule nje bengakhulumi kulungiswe.

Kuyenzeka kwesinye isikhathi nibange nje ukuthi wena uhleka nawo wonke umuntu, kanti lo okudinelwe ukhetha abantu, senizobanga lokho ukuthi ukhulumisana nomuntu angakhulumisani naye. Nempumelelo iyakwakhela izitha, kokunye kuyenzeka athi umuntu akakuphiwe uma ekubuka kubangathi anga phimisa.

Kukhomba ngokusobala ukuthi ayikho into ongayenza ukushintsha indlela umuntu enza ngayo nacabanga ngayo. Abanye behlula amasonto beshunyayezwa, ungalenzani ke wena ithambo elehlula inja ube uyikati?

Sengamkelile manje ukuthi ngeze bangithande bonke abantu ngoba angiyona imali. Ngizophila nje nabo lowo ciki ciki wokuphilisana.

Injalo nje impilo abantu abaningi bazicabangela bona bodwa, akanqeni umuntu ukwenza into kuwena engeze imphathe kahle uma yenziwa kuyena. Awucabange nje umuntu ezokonela usuku ekuseni nje kusa noma ntambama! Usuzo cabanga lento akwenze yona imini yonke noma ubusuku bonke

Hayi sazalwa nabanye, siyofa nabanye futhu.