Ungaboni sihleka nab’abasithandi,

Sazi izint’abazisho ngathi singekho,

Saz’abakwenz’esithe nasebumnyameni,

Siyahleka nabo ngoba kuyahlekwa,

Ebumnyameni siyazi bangasenzakalisa,

Sihleka nabo besizonda laba.

Bazitshel’ukuthi asazi bayasizonda,

Siyazi ukuthi abazi ukuthi siyazi,

EkaSiyazi ayibagqizi qakala,

Futhi akudikizi ngish’inqulu,

Akubuhlungu ngisho uqukulu.

Sivela bahleke kuvel’elomhlathi,

Sasithela sazilaya ngokuzishiya.

Bengezona izimbulu bayambuluza,

Lamaxoki aphila ngokuxokiza.

Bazokuthengisa um’ubhayiza,

Bagcwele umona nenzondo,

Sibaph’uthando, basiph’inzondo,

Ungafunga bangabakwa Zondo,

Hleze nginuk’iphunga lomzondo,

Sihleka nabo besizonda,

Bayosizonda baze bayeke.

Bayeke nawe bakuzonde,

Ubayeke behlangane ngawe,

Nokukuthanda kwabo akusizi,

Vele benza ngathi bathand’ukukusiza,

Ungavum’amazondo akulethel’usizi,

Bahlangene ngamanga akuzwis’ubuhlungu Bahlangene ngawe, bayohlukana kabuhlungu,

Ungazethwes’umthwalo wamazondo,

Noma bengathi unemicondo eyomile,

Ngenxa yab’uz’ungabi namazondo,

Vele banemiqondo ebolile,

Konk’abakushoyo ngawe ukushay’indiva,

Sihleka nabo besizonda laba.