Iminyaka ihambile, Isilond’asipholile,

Ngaphakathi siyopha,

Isalakutshelwa sibona ngomopho.

Njengoba ngibabayela nje, ngilimele.

Ngahlatshwa unkunzana,

Ungaze ufunge nginempehlwa,

Lahlaba lephukela sihlobo sami.

Lokhu enikubonayo kuyize,

Cha! Akusiyo inyoka, umebuzo.

Inyoka seyaba mathambomhlophe,

Lokh’okunethusayo ngumebuzo wayo.

Phela mima ngimaliba ami ngiphila,

Ngambelwa igodi ngiphila,

Ngangcwatshwa ngiphila,

Ungangibona ngiphila, ngangiphila.

Ngiphilela ithongo noMdali.

“Siyobong’uyiqedile le Nursing oth’uyayenza”

Kungakapheli nonyaka ngiyenza,

Lahlaba lephukela, ngathi ngizoyenza,

Kumnyama kubomvu ngizoyenza.

Ngithol’amagam’aziswana nje,

Bengisazikhoth’amanxeba,

Phela bangenza isilo sengubo e Wits,

Lahlaba lephukela emanxeben’abhibhayo.

Nisazobonga, ngithatha lelithuba,

Ngisukuma nokuzibongela,

Ingane kaNesi esinguNes’iyabonga.

KuMdali nethongo ngiyabonga.

Kwabangibek’ebala ngiyabonga.

Nakhohlwa lukhulu mhla nibulal’umoya.

Ukuwa kwami ngedolo bengikhokh’umoya.

Ngawa ngedolo ngakhuleka kuMdali,

Ngalandela ubizo, ngiyabonga Mdali.

Nakwandlwana kuyasa, nakimi sekuzosa.

Lezindlwana zisazoba ngezikanokusho.

Namanje angikakhohlwa ebenikusho.

Kuphel’imisho ngobuhlung’enginabo ngani.

Abantu abazi,phela mina ngifel’ubala,

Bengingazi,ukubekezela kongibek’ebala.

Ngeliny’ilanga, amaqinis’ayohlal’obala,

Esandleni ngipheth’ubala, nginethemba,

Kusasa nami ngizobe ngibalabala. 

Uze ungakusabi ukuba inqudulu,

Uma bekubamba ngophondo,

Nqamul’uphondo basale nendondo yophondo.

Uze ungahlali phezu kwengqondo.

Mhla bakugilal’uyoqonda nobungakuqondi.

Ungaphumuli ungenawo ngisho upondo.

Mhlobo wami lapha kukwamhlaba,

Uma behlekisa ngesimo sakho,

Bamb’izikhali zakho ziqine,

Uqine ngedolo enkosini,

Ikusasa soze lifane nezolo.

Kusasa nawe uzobhul’amazolo.

Zifundise ukuzimela, kokusiza lokho,

Ungahlali ngokubheka ukusizwa,

Khumbula, ungathembi muntu,

Ubothemba itshe kunomuntu.

Namuhla ngiyinkubela, lahlaba lephukela,

Kwaphuka umoya, kwaphuka inhliziyo.

Lahlaba lephukela namuhla ngiyalibangula,

Maliphume nobomvu lahlaba lephukela.