SESIBONGA UKUPHILA.

Ngibonga kangiphezi,

Ngibonga kangiqedi kuMdali,

Ngibong’ukuphila kulesisikhathi sobhubhane.

Kufike izif’eziningi Kodwa mina usangigcinile,

Kufik’isifo esithelelana ngomoya kwabhubh’umhlaba,

Sifike sagaleleka saqoqa amagugu ethu,

Sifike kwavalw’izwe kwamnyama bhuqe.

Kuyanuka izidumbu zabazali bethu beqedwa ubhubhane,

Kazi socasha kumuph’umhlaba makudedelwa ngabomu izifo.

Kazi sozifihla kuliphi izwe maleli esiphila kulo lisicindezela.

Kazi izaguga zona sezibalelwe emingaki iminyaka kuqedwengazo.

Kuyacaca impela siphathelwe izinsuku zokuphila.

Kulawula yena Phela akukho esingakusho ivoti limvumile.

Asisethembi lutho impela.

KwaMgomo wokuvikela izifo kwanawo asisawethembi.

Baningi bayakhuluma bathi yiwo ozosiqeda nya.

Baningi bayakhuluma bathi abajova akusemnyaka mingaki kuculwe amagugu Kubo.

Asazi noma kuyinkohliso noma kuliqiniso.

Pho sizokholwa ngubani?

Banqofana bodwa phezulu asazi noma babanga iqiniso,

Banqofana bodwa asazi noma kushaywa onobufakazi,

Babulalana bodwa sebegqiba iqiniso.

Siyinike thin’izintambo aziphethwe yithi,

Siyinike thina ngoba saziwa ngesikhathi samavoti kuphela.

Ibhalwe uMakhosazane Ndwandwe Shwala