SENGIYAZISOLA

Ukube angiqalanga ngabe angikho la.

Ukube angibanga usomathuba ngabe angikho la

Inkani iyabulala idala nemicabango engapheli.

Yena wayebukeka njengowehlukile

Yena wayebukeka njengothunyelwe abaphansi

Yena wayebukeka okwengelosi uqobo lwayo.

Amazwi akhe ayeshelele ehehana.

Kwazise nokuhlonipha kusegazini lakimi

Ngikhosoze engani phela kuthiwe umendo uyebiwa.

Awuuu!ngaze ngaziphoxa

Kwamina kangizazi ngifunani manje.

kwamina angizazi ngibhekephi nempilo.

Cha bakwethu ngilekeleleni lomuntu ngihlehlise ithemba lami ebesengiqhube nalo imnyaka nyaka sibekezelelana.

Ngihlehlise ebengisemathandweni naye ngoba ngibona ukuthi sekufike ingelosi ilethwe abaphansi.

Yehhheni!!kanti thando unjani?

Kudumikhanda kimi angisakwazi nokubuyela emumva.

Phela ngashiya kukubi wayengibuza ukuthi nginesiqiniseko sokuthi nguye owamaphupho lo engiyakuye?

Ngavuma nami ngikhungethwe inkungu yothando olungezukuya ndayo.

Uthando lwamanga nokulwa namacala njalo

Ngaze ngazisola lapho akusekho ukubeyela emumva.

Angiqhubeke nempilo vele uthando alungifanele.

Ibhalwe uMakhosazane Ndwandwe Shwala