Sengiyawehla mina lomjikelo,

Siya phambili sibuyele nasemuva,

Ungaze ufunge sidlal’umjikelo,

Bengimuthanda yena wangijikela,

Engetshwala ungijikele esiswini,

Baqinisili abath’ubothemba itshe,

Nenhliziyo yami isisinda satshe,

Phansi naphezul’uginqigonqo uqobo,

Bengizikhohlisa ngithi sisuka kude,

Sengibonile mina naye asiyi kude,

Useduze kwami kepha imizwa isikude,

Amathang’ahlanzel’abangenamabhodwe,

Mina ngihlanze ngedela ayikho lento,

Loluthando lungumdlal’ozigcawugcawu,

Mina naye bengithi sizoba nesigcawu,

Inking’akazazi nom’uyimfene nom’inkawu,

Ngokuthanda yena ngiphelelwe isihawu,

Ngiyamuthanda yena uyangikhohlisa,

Uthi uyangithanda yena uyazikhohlisa,

Noma ungahamba vele bewungikhohlisa,

Hamba ijuba likaNowa wena mkhohlisi,

Hamba juba bayokuchutha phambili,

Ngidabukela nabasozokucosha phambili,

Buyovuka ubuwena nakwabaphambili,

Ngothando lwami ubajabulise naphambili,

Ngacosha ichwane lenyoka uqobo,

Othandwa yimi uphenduke inyoka uqobo,

Isifudumele inyoka yona isiyangisobozela,

Ngokuthanda yena bengizibambezela,

Yena uhlulekile ngukuzibophezela,

Mina ngiyayehla lenqola yomdlalo wakho,

Lomjikelo wakho mina sengiyawehla,

Usungiphathise ngenzululwane kwanele,

Ngiyakukhulula, hamba juba likaNowa.