Uthi yena ucela elinye ithuba,

Ngamunika ithuba wadlala ngalo,

Wacela ithuba lesibili ngamunikeza,

Waphinda walimosha nalelothuba lesibili,

Wahamba wayonik’angcono kunam’ithuba,

Waphinda futhi wasinyela isihlahla usomathuba,

Namuhla udinga umthunzi walesihlahla,

Usefun’ukungibuyela namathunz’amunyama,

Kwezothando mina nginamanzamnyama,

Loluthando luyayicoba inyama yomzimba,

Uthando lwakhe lunamanga nenkohliso,

Uthi usungithanda yena uyangikhohlisa,

Wakhohliswa ngabangani wakhohliseka,

Waze wakhohlwa nanguthando lwami,

Lapho sengithi ngiyakhohlwa memfu,

Qhamthushu umkhohlisi omkhulu,

Umvundla seziwunqandile kumkhohlisi,

Yena wadlala uVundla ongumkhohlisi,

Usekhohliwe wahamba etheni kimi,

Phela washiya akangalazi kimi,

Phela yena washiy’engibeke amabala,

Manje ubala amagama yena uyaxolisa,

Inkinga kade ngamuxolela yena engazi,

Ngakhala ngadela maqede ngaxola,

Kusele kuye ukuthi yena aziphe uxolo,

Mina sengazitholela uNoxolo wami,

Isikhala sakho kimi sewasivala uNoxolo,

Kimi uzothola uxolo, uthando alusekho,

Phela mina sengithanda uNoxolo,

Mina ngiyazithandela ukuthula noxolo,

Lapho amanz’ayema khona sekwakhiwe,

Amanzi kuzomele adlule ngomsele,

Ngiyakuzwa uyazisola uthi uyaxolisa,

Nami ngiyaxolisa, eliny’ithuba kalisekho,

Mina senganikeza uNoxolo ithuba,

Usakhumbula uthi ngikuvalel’amathuba?

Wangishiya wena wayodlala usomathuba,

Elami nawe ithuba khohlwa kalisekho.