Ngithembe mengiktshena ukuthi liphume nobovu.

Ngimhlahlele ngomense okwesilwane abeyisona.

Umdali useyongithethela ngiyazi ngonile.

Futhi angigqizi qakala, ukufa kwakhe Kube ukuphumula kumina.

Namuhla ngiyinyoka ekhafula uShevu kungenxa yakhe.

Ubengidayisa mihla namalanga ngiyinyama kochakijane efeza izidingo zakhe.

Ehlal’engikhumbuza ukuthi angiyinto yalutho.

Empampatheka nolwabanye abantu utho.

Ngidinga uthando kuyena kepha yena etshala inzondo.

Ngangilala ngingembethe nginethwa zimvula. Ethi ngiyisiphazamiso kuyena nobabomncane.

Ngisongelwa ngigxoshwa emzini kaBaba.

Ngiphoqwa ukuthi ngilale nobhululu bakhe iviki neviki, ethi ungifundisa ukuthi konke kuyasetshenzelwa.

Lalelani nginixoxele, wangibulala ngiphila lowaMama.

Engigxoba engibhanqa nodonga njalo Uma ngingaphethe inkece.

Wangiyekisa iskolo ngimncane wangiphendula umfazi, ngipheka njalo kodwa mina ngiphakelwa iphunga lokudla.

Ngiphinde ngihlanze nezingubo zangaphansi zomyeni wakhe.

Oh! Kambe Naye njalo ngeSonto ubezitika ngomzimba wami uMama ethule.

Sengimbulele lowamfazi mina.

Nawu umzimba wakhe lapha eduze nesihlahla somyezane.

Mthatheni nimfihle okwekholwa, ngoba njalo ngeSonto ubedumisa embathe isembatho esimhlophe.

Ebuye eshumayele izwi likaThixo ebe ekhonza izithixo.

Uyakhile iMamba ngaphakathi kumina.

Waqeda wakhohlwa ukuthi iyobuye imlume ngelinye lamalanga.

Ngigaxeni ozankosi bakaSdlodlo ngoba ngiyavuma, impela umina ombulele uMama