Khohlwa yindaba yabantu abazenza onkulunkulu bempilo yakho,abazokutshela ukuthi angeze ulungelwe yilutho.

Kungakuthusi ukubona izinto zakhona zingahambikahle.

Konke kunesikhathi sakho njengokusho kwencwadi kaMshumayeli esehlukweni sesithathu eBhayibhileni.

Kunesikhathi sokutshala, sokuhlakula nesokuvuna.

Qhubeka utshale, uhlakule futhi ulinde.

Isikhathi sokuvuna sizofika, amathe ayobuyela kwasifuba konkulunkulwana.

Sonke sazalwa sifumbethe iziphiwo esophila ngazo ngoba Sonke Singabakhe .

Ngisho ungalala ungadlile siyeza esakho isikhathi lapho ozolala ungadlile khona kodwa hayi ngoba uphoqwa isimo, inhliziyo izobe ivalekile ibona kugcwele lonko uhlobo lokudla ingazi idlekuphi futhi iyeke kuphi.

Siyeza isithabathaba somuzi kwabalala emgwaqweni, okwakudaliwe kuyokwenzeka.

Umthakathi uyodikila imfene ayesontweni, izikhwama zakhe ayozilahla olwandle.

UNkulunkulu unomusa nothando kithi angeze avumele izitha kugcine zona.

Qina idolo ngane yakwethu.