Singabantu sibukeka singazazi ukuthi yini esiyifunayo, uma umuntu esaseyingane uye afise ukuba mudala, kuzothi umuntu esekhulile waba mudala nango yena futhi usefisa ukuba yingane.
UNkulunkulu uthwele kanzima lakithi,sekusiza khona nje ukuthi kwenzinye izinto umane azizibele nje.
Uma bekuya ngokwezifiso zethu mhlambe ngabe sekusele abantu abambalwa emhlabeni ngoba bakhona kithina bantu abantu abanezinhliziyo zezilwane. Bakhona okuthi umuntu angagxobeka ngephutha umbone elwa engafuni nakuzwa nokokuxolisa kwakho, asho impela ukufuna ukukujuqa sengathi wenze ngamasibom.
Angiyiphathi ke eyasemisebenzini ingane zabantu zithwele kanzima kakhulu, ma ungathi azigumule izicathulo ziveze izinyawo ungabona umhlola abantu bebolelwe izinyawo. Kubaqedile oku onkunzana ngomeqo, ngikhuluma nje abanye abantu sebehamba ngenduku.
Banemithi emibi abantu langaphandle! Kukhona abashawe ngohlangothi, kukhona ababulewe isingezansi, abanqunywe imilenze noma uqukula wonyawo, bese kuzovalwa ngesebamathambo amhlophe.
Izilwane zakamhlola ithi ifika ingane izofunda umsebenzi ngohlelo lozemfundo ukuze izigqoka ijazi esikhungweni semfundo ephakeme lakade ifunda khona, babe sebeyigadlile. Ngikhuluma nje bakhona abagcina ngokubhalwa ehlwini lamagama abagqoka amajazi kodwa babe sebengasekho emhlabeni.
Sizobaleka sishonephi uma kunje! Indawo nendawo inezigila mkhuba zayo, awucabange nje esontweni indawo eyaziwa nje ngendawo ephephile nenabantu abazithobile kodwa nakhona zikhona inkunzi zakhona okwaziwayo ukuthi wamthinta nje usuyahamba emhlabeni.
Kudela owaziyo ukuthi basithathaphi isibindi esingaka! Sekuzoba nzima nokucela amakholwa akubongise kumdali makukhona akwenzele khona, ugcina nje sewuphenduka ibutho likafala ngaphakathi, izinto uzenzele ekusithekeni njengabo abathakathi bansondo laba.
Bathi isihlahla siwiswa umuntu oseduzane. Iqedene nemindeni abantu bezalana, abanye beyizelamani bevundle okhalweni olulodwa, bencele ibele elilodwa, bedla bodwe linye. Ngikhuluma ngomkhuba engingazi ungaqedwa kanjani kithina bantu. Indaba yasuswa inhliziyo yokungafiselani okuhle, umuntu ahlele efisa sengathi kungaphumelela yena kuphela.
Inzukazikeyi yodwa lena wena wabona inkomo isibheke emuva ezinye zibheke phambili ziboshelwe, into ovele ungazi uzoqala ngaphi ukuyiqaqa istrobho siyinklinyile. Ngokugadlana ngemithi abagadla bagcina beye kwabamanga, lapho bafike batshelwa khona ukuthi ubani lona oqeda umndeni noma leyondlu.
Yasi qalile inkinga ingane zandawonye zikhiphelana izikhali zibulalana emini bebade izwe libuka. Ayisadleki nhlobo masekunje, imindeni iphenduka izitha zaphakade uma UNkulunkulu engangenanga esizukulwaneni ukuthi senze inhlambuluko. Bazoqathakisa okwezintuthwane ukusuka lapho, bengasabulawa umuthi sekufuneka lenhlobo yale nhlambuluko.
Okwethu okwezandla impela ngiyakutshela, kazi siyozi sifukephi nolomkhuba wokubulalana ngoba ngisho usumbulele umuntu umbulalela isiphiwo sakhe ngeke sishintshe sibe ngesakho.
Okungizwisa ubuhlungu kakhulu ukuthi bayaqhubeka bayayitshala ezinganeni lento, kuthi kukuncane unede ungezwa ukukhuluma kwakho uvele ubone ukuthi kukhula nokhula lokhu umthakathi wakusasa lona. Awukususe ubone ukuthi uzolala yini ebusuku, kuyosa ugquma kungasakhulumeki. Kubhuti wam owangishiyela ibele kwasiza bona laba okuthiwa abamanga, insizwa ingasakhulumi ugquma nje kuphela, bathi ababekhona kwafike kwabuzwa ukuthi ubemjikijelelani ngamatshe umfana obekhuleka amahashe. Nembala uthi wayikwenzile ecikwa ukuthi umfana uvedane azowabopha eduze kwezindlu ekhaya abange umsindo kungalaleki.
Sengathi UNkulunkulu ubengasilekelela ekusivikeleni ngoba asazi sizobalekelaphi uma kunjena, nezigebengu zisimise ngomlenze owodwa okweqhude lenkukhu libika isihlobo. Ubonga bekwephuce lokho abakwephuce khona bakushiya uphila ngoba imvama ziyakuphuca zikubulale.
Asethembe kuyolunga ngelinye ilanga.