Noma ngehlelwa okubi,
Angijabhi, angidangali.
Nginethemba ngoJesu ongiqinisayo.
Noma ngehlelwa izilingo,
Indlela inobunzima, angidangali.
Noma ngiceba amaceb’ amahle
Ngempilo yami angaphumeleli, angidangali.

Ngifuzula kanzima ngiphikelele empumelelweni.
Noma izimo zimile endleleni zimelana nami
Angipheli amandla, angidangali.
Ngoba ngiqonda into inye ukuthi uJesu unami.
Noma ngiphoxeka sidicilelwa phansi isithunzi sami,
Nalapho njalo belu, angidangali.

Noma ngehluleka ngenz’maphutha endleleni,
Kepha angiziboni ngiyisahluleki.
Ngifunda emaphutheni.
Ngiphikelele phambili, angidangali.
Ngizophikelela ngilwe ngize ngithole isicoco.
NgoJesu ngizophikelela ngibheke phambili,
Ngize ndifike emgomweni, ANGIDANGALI!