OKWAMI OKWEZANDLA!

Bayaphuma bayangena,

Bayehla bayenyuka,

Bayabamba bayayeka,

Engani Phela bangomacaphuna kusale.

Bangena la bethandakhona,

Bakhomba ngophakathi ngiyakutshela wena.

Bahleka kuvele elomhlathi,

Bagqwegqwetheka kuzwakale,

Enganiphela bayagwazelana,

Engani phela baqashana ngokwazana,

Engani Phela kushushumbiswa imali phambili.

Engani Phel ‘abadla imbuya ngothi babonakala ngombala.

Lelizwe libuswa yiziMpunyela impela inkosi!

Lelizwe lilawulwa ngemali!

Uma ungenayo Angeke uye phambili,

Uma ungazani namuntu ophethe Khohlwa angeke uqashwe!

Sesophila kanjani Kanti kulomhlaba?

Sesophila kolawulwa ubani Kanti umhlaba?

Sophumelela kanjani Uma kufuneka imali kuqala le ongenayo,

Sodlana sodwa ngiyakutshela nasi!

Sobulalana sodwa ngiyakutshela nasi!

Amathemba Ami ashabalele,

Yebo siyazisa ezikoleni izingane,Kodwa zogcinaphi?

Ngoba sijike sihlale nazo emakhaya,

Sijike silambe zikhona izitifiketi zokusebenza,

Sizobulalana sodwa ngiyakutshela nasi!!

Ngiyakhulisa,ngiyondla,ngiyafundisa.

Nguwe kuphela Mdali owaziyo kogcinaphi,

Mina angisabheke lutho kulelizwe.

written by Makhosazane Ndwandwe Shwala