noma engaboni emehlweni

Ngimthanda enjalo

Noma yena enokukhubazeka

Esweni ngimthanda enjalo nje

Nanoma engaboni ngiyamnakekela

Nanoma edelelwa emphakathini

Ngimthanda enjalo

nanoma kunzima ngimeseka njalo

Ngezinkathi zonke zokuphila kwami

Naye uyaludinga uthando njengabo

Bonke abantu

Naye uyamdinga umuntu ozomthanda

Ngokweqiniso

Konke lokhu kumfanele naye

Noma engaboni ngimthanda enjalo nje

Noma bembukela phansi besho konke

Okubi ngaye ngimthanda enjalo nje

Yena phela uyimpilo Yami

Yena phela uyithemba lami

Mina ngiphilela yena naye

Uphilela mina

Noma enganjani ngimthanda

Enjalo nje

Noma engaboni ngimthanda

enjalo nje .

Ibhalwe : Anna hlophe