Muntuwam ngyakuthanda

Ufanelwe ukuphathiswa okweqanda;

Nezihlwele uthando lwethu ziyalukhanuka

Kwazise oluvutha kanjena ziyalucabuka

Ngicela ube nami ngisho noma sengiphambuka

Ukube uthando lunamathwasa ngabe singogobela

Ukube uthando lwethu lunenani ngabe lumba eqolo

Ngikuthanda ukudlula ilanga langayizolo

Ubalulekile kimina nkanyez’yam

Bathi uthando kaluboni kodwa masenza olwethu ngiyakubonela

Uze ube nami endleleni nkanyez’yam ng’yakucela

Baningi abafuna ukubona uthando lwethu luphela

Bathi kuyophela ngezinyembezi, angazi noma ngithandana no anyanisi yini