Muntuwam ngyakuthanda
Ufanelwe ukuphathiswa okweqanda;
Nezihlwele uthando lwethu ziyalukhanuka
Kwazise oluvutha kanjena ziyalucabuka
Ngicela ube nami ngisho noma sengiphambuka
Ukube uthando lunamathwasa ngabe singogobela
Ukube uthando lwethu lunenani ngabe lumba eqolo
Ngikuthanda ukudlula ilanga langayizolo
Ubalulekile kimina nkanyez’yam
Bathi uthando kaluboni kodwa masenza olwethu ngiyakubonela
Uze ube nami endleleni nkanyez’yam ng’yakucela
Baningi abafuna ukubona uthando lwethu luphela
Bathi kuyophela ngezinyembezi, angazi noma ngithandana no anyanisi yini