Ayithule imvula yenzondo!

Uphila kanjani ngenzondo?

Uyibuka, uyibone ngathi, yini impilo?

Khona ubani lo owakufundisa, kuthi, umuntu uyazondwa?

Ubani ngempela, ongazi kuthi, uthando luyapholisa?

Phela inzondo, ifika ibe isifo ku muntu.

Ayiphumelelisani.

Ukuzonda umuntu, into engekalungi.

Akulungile, uzojabula kanjani, inzondo ibe igqwele inhliziyo?

Ayiphele manje inzondo, thanda lomuntu, thanda naye loya. 

Nawe uvele uzithande, ungazondi.

Jabula kuphele inzondo enhlizweni, nawe ube nokuthula enhlizweni.

Ikhiphe lento ekwenza ufisele abantu izinto ezibi, ilahle lento ekwenza uhluleke ukuseka omunye umuntu.

Asesphile ngothando, sihleke noma sike sezwa ubuhlungu.

Asesphile ngenjabulo, sijabule noma bengekho abasijabulisayo.

Noma bengekho abake basijabulisa, injabulo asiyikhande, siyeke kuthi siphile sibe sifiselana okubi.