Nhliziyo yami iphukile
Bengithi ngyancenga, ngyazama ukubekezelela uthando
Kodwa lona luyala
Kanti thando ukhetha abanjan
Kanti njabulo uqoma abanjani
Kubuhlungu kuyezwela
Inhliziyo yami bayiphulile hayi kanye kaningi
Kodwa yona akazizwise muntu ubuhlungu
Lwaze lwabuhlungu uthando
Baqinisile mabethi ubuhlungu besicathulo buzwiwa zinyawo kanjalo nobuhlungu bothando buzwiwa inhliziyo
Nhliziyo yami emanxebanxeba
igobhoza igazi elingapheli
Kodwa ngzokuvikela kanjani?
Bonke abathe bayangithanda ibona abanguthunuke amanxeba
Bonke abathe bayangithanda bazonginakekela ibona abangilimazile
Kanti uthando lunjani?
Xola nhliziyo yami awusophinde uthande
Konje vele nenhliziyo yokuthanda anginayo